Overblog
Edit post Follow this blog Administration + Create my blog
January 2 2012 1 02 /01 /January /2012 08:59

Izinkinga zedlozi zikhungethe wonke umuntu kulesikhathi esiphila kuso, kodwa kumele sizibalule ukuze sikwazi ukuzigwema kuleminyaka ezayo.

 

Okumele sikuqonde ngedlozi:

-Baningi abavala idlozi ngokwesatshiswa ngempilo yabadala. Idlozi elivalwe lidala ulaka ngokuhamba kwesikhathi. Ngakhoke ngaphambi kokuthi uvale idlozi lakho kumele wazi kabanzi ngokuthi idlozi lona lifunani kuwena.

- Abavala idlozi basuke befuna impilo elula, engenazo izinkinga namasiko kodwa ekugcineni basala nobunzima obungelinganiswe.

- Idlozi uma liphakama lisuke lifuna ukwelashwa lamukelwe hayi ukuvalwa.

- Uma ulivala liyahlehla bese likushiya nezinkinga ngokuhamba kwesikhathi.

- Ovale idlozi uyaphila iminyaka ngaphandle kwenkinga kodwa lapho livuka khona liletha izinkinga ngisho nasesi zukulwaneni esilandelayo.

- Ngokomthetho idlozi alivaleki kodwa liyaduba uma uliphika. Likuduba isikhathi impela    kodwa uma selivuka lidala ulaka empilweni yakho.

 

Ukwelapha idlozi

-         Ukwelapha idlozi sesikwenze kwaba into eyisimanga nenzima kakhulu, yingakho abaningi bekhetha ukubaleka baphike abadala.

-         Idlozi silelapha ngokuthi silivume ezimpliweni zethu hayi ukuthi silivale.

-         Ukuvuma idlozi kusho ukulalela lokho okufunwa abadala, ubakhulule bese ulindela impilo engenabo ubunzima.

-         Kumele wazi ukuthi wonke umuntu uhamba nezidalwa empilweni yakhe ngakho kubalulekile ukuzazi, uzihloniphe impilo yakho yonke.

-         Idlozi ulelapha ngokuthi uhlole, uligeze ngikuzigeza wena uhlanjululwe, bese wenza umsamo wakho lapho uzokhuleka khona wenze amalati akho.

-         Ukwenza umsamo kusho ukuba nendawo yakho yokukhuleka lapho wazisa khona umdali nabadala.

-         Wonke umutnu kumele abe nendawo yakhe lapho ekhuluma khona nomdali.

-         Umthandazo wakho kumele uhlanganise umdali nabadala ukuze uthole izimpendulo ozidingayo empilweni.

 

Ukuvuma idlozi

-         Labo abanamandla obungoma kumele bavume idlozi ngokwesangoma, benze umsamo wabo obizwa ngesigodlo bese besenzisa amandla edlozi ukusiza labo abadinga usizo.

-         Ukuvuma idlozi lokhu kusho ukujabulisa izidalwa zakho zamakhosi ezisempilweni yakho. Lokhu kungasho ukulanda amandla olwandle, ukugcotshwa ngenyongo yesilwane njengoba kwakwenziwa kudala noma ukusebenzisa indlela yokwelapha idlozi lesangoma ngokugcoba ibovu nomcako, ugezwe uphothulwe.

-         Konke lokhu kwenziwa ukuze kujabule izidalwa zamakhosi ezisempilweni yomuntu.

-         Osevume idlozi, uqala asebenzise amandla akhe okusiza abanye, ngokubathandazela, ukubeluleka edlozini noma ukubabonela/hlolela ezinkingeni zabo.

-         Omunye uvula isigodlo sakhe aqale asize abantu ekhaya lakhe.

-         Kiningi esikucelayo emsamo njengo: kuqhubekela phambili nempilo siphumelele. Kodwa lokhu sikuthola uma silandela imiyalelo yabadala yokusebenzisa amandla sisize abahluphekileyo.

 

Ukuba umelaphi

-         Ukuze ube emelaphi kumele ulandele imiyalelo yedlozi lakho elifuna ukusebenza ngawe

-         Kumele ulivume uligidele, ulenzele isigodo lapho uzosebenza khona.

-         Ukuba umelaphi kusho ukusebenzisa mandla abadala ukusiza lapho uNkulunkulu evuma khona.

-         Amandla abadala akumele aphikisane nentando yomdali.

-         Okudingwa abadala empilweni yakho kumele kube yilokho okuvumelana neNkambiso kaNkulunkulu futhi kusize abantu, kungabulali.

-         Uma amandla akho obungoma esejabule, idlozi lakho liyavuma uphile nawe njengabanye abantu.

 

Ukubalekela ubungoma

-         Abantu babalekela ubungoma ngenxa yokwesaba izinkinga edlozini.

-         Abantu besaba ukwethwasa nokuhlukumezeka.

-         Idlozi liyahlukumeza ngoba uma liphakama liletha izinkinga empilweni. Bese kumele ulelaphe ukuze nawe uthole ukuphumula.

-         Abanye bavele balivale ngoba besaba lokho abangakwazi.

-         Ukubalekela ubungoma kudala izinkinga ezinganeni zakho.

 

Ukuvala idlozi

-         Idlozi livalwa ngezindlela eziningi ezahlukene kodwa ehamba phambili yile enganakekile kakhulu kubantu.ukuphika ngomlomo nokusho...

-         Idlozi liyavaleka lidube uma uliphika. Omunye utshelwa ukuthi unedlozi avele athi, “wo! Abangiyeke, lento yehlula obaba” Lokhu nje kukodwa kuyalivala idlozi lakho likudube.

-         Abaningi abatshelwa ngedlozi baphike bazidalela ulaka olungelinganiswe ezimpilweni zabo.

-         Idlozi liphila emoyeni ngakho konke okukhulumayo ngomlomo wakho lisuke lokhona lilalele ngaso sonke isikhathi.

-         Uma uliphika liyaphoxeka lidube. Lihlala isikhathi likuyekile bese kuthi lapho usukhohliwe, liphakame likumise empilweni yakho.

-         Esinye isizathu sesibili esivala idlozi ukusebenzisa umuthi uma sizelapha izinkinga empilweni.

-         Umuthi wenza idlozi likudube, lihlehle empilweni yakho. Likuyekelele nezinkinga zomhlaba.

-         Idlozi lisebenza ngamandla omdali lawa angahambisani nokusebenzisa umuthi ongalungile. Osebenzisa umuthi uzidonsela amanzi ngomsele edlozini.

-         Uma usebenzisa umuthi idlozi livele likushiwe lithi sala nomuthi wakho ngoba uthembele wona kunezingelosi zakho.

-         Ukusebenzisa umuthi abathi owenhlanhla kuvala idlozi lakho likudube.

-         Abaningi bahamba nedlozi elivalekile elinolaka kodwa abazi ukuthi livalekile ngoba abakwazi abakwenzayo okuvala idlozi labo.

-         Idlozi liyavaleka ngokukhuluma nje kukodwa, uliphike noma ngokukhetha inkolo engahambisani nabadala, kanjalo nangokusebenzisa umuthi omubi noma ukwenza imikhuba eqondene nako ukuvala idlozi.

-         Kanjalo nobuthakathi nabo buyalivala idlozi likudube.

 

Izinkinga edlozini kulesikhathi samanje

-         Abaningi besimame bavala idlozi kuleminyaka edlule ngoba befuna ukuphuma bahambe bayoshada, kodwa namuhla yonke lemishado isenkingeni.

-         Abanye balivala idlozi bengazi imiphumela yalokhu ababekwenza. Abanye babeqonde ukuhlukana nedlozi impilo yabo yonke. Abangakwazi ukuthi idlozi alivaleki kodwa liyakuduba iminyaka uze ukhohlwe ngalo kodwa lapho livuka khona liletha izinkinga zodwa.

-         Eminyakeni edlule abesimame abanedlozi lamakhehla bebenzelwa amagobongo ukuze idlozi labo ligobeke livume baphume bayogana. Kodwa kulesikhathi samanje idlozi selivuka ngolaka lingawafuni amagobongo. Idlozi likhala ngokuthi igobongo livala idlozi uma seliphothulwa bese umuntu asale yedwa engavikelekile. Idlozi lifuna silivume bese sicela kulo indlela hayi ukuliphothula silivale.

-         Abaningi abavala idlozi eminyakeni eyadlula namuhla banenkinga emsamo wabo. Izinkinga zivela ezinganeni nasemishadweni eyenziwa ngesisekelo semithi.

-         Idlozi lithi, “ngivume ngiphakame ngikusebenzele” uma ulivala(in one way or the other) libuya emva kweminyaka libukise ngawe emhlabeni.

-         Owesimame ohamba namakhehla anamandla kumele avume idlozi alijabulise bese ecela kulo ukuthi aphile impilo efana neyabanye besimame emhlabeni. Lonke idlozi elifika emsamo linamandla liyaye lithi” ngivume bese ucela kimi konke okufunayo.

-         Baningi abavala idlozi ezinganeni zabo ngoba zazinobizo kuleminyaka edlule. Angibasoli abaningi ngoba nesimo sezwe lethu sasisibi kakhulu ngenxa kahulumeni nenkolo yawo. Kunabantu abadala namuhla abanezinkinga emsamo wabo, uma ubuza bayaye bathi,” yebo ngiyakhumbula ubaba wahlaba inkomo wavala idlozi ekhaya ngoba esaba ukuthakathwa” Kodwa namuhla labantu banezinkinga emakhaya nese zinganeni zabo.

 

Idlozi lithini namuhla

-         Idlozi lifuna ukwaziswa livunywe, lithokoziswe ukuze nathi sithokoze ezimpilweni zethu.

-         Idlozi lithi ungasonta kunanoma iyiphi inkonzo oyithandayo kodwa qala emsamo wakho ujabulise abadala nomdali bese uphuma ke uya esontweni.

-         Unkulunkulu uphila kithina ngaphakathi ngakho kumele siqale ekhaya uma sifuna ukuphila impilo enhle emphakathini. Idlozi lisihola ezimpilweni ngakho

     asingalihlukanisi nomdali wakho konke. Asilivume lenze umsebenzi walo      wokusiholela kokuhle emhlabeni.

-         Idlozi lifuna sivume amandla kaNkulunkulu ukuze siqonde ukuthi nalo alihambisani nobubi/nomuthi.

-         Idlozi lifuna siligeze libe lihle ukuze kuphele ubuthakathi emhlabeni.

 

Idlozi yindlela yokuphila

-         Obabamkhulu babephila ngedlozi nomvelinqangi ingakafiki inkolo esiyikhonzayo njengamanje. Kodwa babengenazo lezinkinga esiphila nazo manje. Konakale ngesikhathi kufika inkolo kwase kuba sengathi amasiko omsamo awalungile.

-         Ngesikhathi sifulathela umsamo siduma nokwezizwe idlozi lisidubile laze lavuma kwahamba umhlaba wethu imbala. Namuhla idlozi lixolile labuyisa umhlaba kodwa akwanele ngoba umuntu omnyama usahlupheka namanje emhlabeni wobabamkhulu.

-         Idlozi lifuna amandla emakhaya ethu, lifuna imisamo yethu ibe sesimweni esifanele ukuze sikhulise isizwe esiphilayo ngokuphelele. Ukuze abantwana bakhule ngendlela futhi baphumelele kuko konke abakwenzayo emhlabeni.

 

 

Idlozi lifuna silifundisise ukuze sikwazi ukusebenzisa amandla alo ngendlela ezosisiza ezimpilweni. Wonke umuntu unelungelo lokufunda idlozi lakhe, alisebenzise ngendlela ephilisayo.

 

Ungalelapha idlozi, ulihlambulule kodwa okubalulekile ukufunda kabanzi ngalo ukuze ungadlali abantu emhlabeni, futhi ungavumi ukwenza izinto ongaziqondi ngoba uthi wena awazi lutho ngokwelapha. Konke okwenzayo makwenze umqondo futhi kuhambisane nenkambiso yomdali yokwenza okuhle, ukuphilisa hayi ukubulala

Share this post
Repost0

comments

N
Sawbona, ngiyathokoza kakhulu ukuthola le blog yakho ewusizo kangaka. Ngicela ukubuza ukuth ngabe ukulapha idlozi ukudla igobongo yin, ukuth sekuze kwaba ikhath ezimbili ngitshelwa ngegobongo inkinga yam angiqondi ukuth kuchazan or lidliwelan igoongo. Nginabadala futhi ngihlala ngigula iskhath esiningi.
Reply
T
Abaningi babathandazi bathi nginedlozi ft nesithunywa mina angiphikisani nako lokho kuphela angazi ngosizakalaphi ngoba angikholelwa ekutheni ngisuke ngolashwa umuntu lingangikhombelanga lona idlozi ..ngingasizakala kanjani ukwelashwa
Reply
M
Mina ngifuna iBook yakho ephelele kunye nemi niningwana yakho. Ngoba ngifunda Kabi kwi founi. Address 5556 Samora Machell Ida Mntwana Crescent Mitchell s plain 7785 Cape town.
Reply
N
0815569474
C
Ngidinga igobongo lomndawe
Reply
N
Ngiyabingelela nginenkinga yomfula okuhlale besengiyawuphupha awuhlezi uyinto eyodwa kodwa uhlezi ungisabisa ngoba ngathi unento ethile kulokhu ngiwuphuphe ugcwele uphuma ngaphandle komgodi elinye iside lingathi ligxabha usuchithekela yonke indawo bengiwubuka kude ngisaba amanzi akho ubungathi asuke esale kwiwashing erinsiwe ngigcine ngokuma kude ngawubuka abantu bezama ukuwumisa. Kwalandela ngabona umuntu owayethandana nomama osashona esekamelwe kungathi ubuyile kodwa ethule engasho lutho uma emnesa ngabuza uma ukt ufunani lona wathi uma uthi uyaxolisa ngezinto ezenzeka ucela ukuhlala iskhashana
Reply

Overview

  • : Ancestors/ Idlozi's name
  • : This blog deals with the truth behind amadlozi/ancestors and the people who live to tell the truth about it all.
  • Contact

Profile

  • Nonto Toba Goldstone
  • I am a spiritual medium who helps people determine who are the guardian angels playing a major role in their lives. I just started a range of herbal products.
  • I am a spiritual medium who helps people determine who are the guardian angels playing a major role in their lives. I just started a range of herbal products.

Links