This is an article, that was sent to me directly ,by the editor of ILanga newspaper. It appeared on 12-14 of September. After reading it, I took a liking and asked if I could use it on my blog. It is however written in Zulu because it is from a local newspaper. I share the same views and facts which are stated on this article and I would like all of you to also enjoy reading such a well written piece of work.
For those who are not fluent in Zulu, I can translate it for you at a later stage.
This article is about traditional healing and its categories...
Take note that on Monday 26th September, there will be another follow-up article on ILanga which will concentrate on Ukuthwasa.
"happy reading..."
ILANGA >> SEPTEMBER 12-14, 2011 NJENGOBA kule nyanga uMandulo
(September) kugujwa futhi kuqhakanjiswa amasiko namagugu eNingizimu
Afrika, kubalulekile ukuthi kubhekisiswe zonke izinto eziyinjula yesizwe ngalesi sikhathi.
U-ERIC NDIYANE, usihlaziyela enye yezinkolo ezindala e-Afrika, ikakhulukazi ezizweni ezidabuka emachibini asenkabanzwe. PHAKATHI kwezinkolo ezindala emlandweni wabamnyama kukhona eyobunyanga nobungoma. Abaningi kabazi ukuthi ubunyanga nobungoma buyizinto ezimbili ezahlukene kodwa ezihambisanayo. Kwesinye isikhathi kuba khona ukudideka kwabanye. Lokhu kwenziwa wukuthi kuye kusetshenziswe igama lobunyanga noma sekuchazwa umuntu oyisangoma. Zombili lezi zinhlaka zehlukene ngokwezigaba zazo. Buyini ubunyanga? YISIPHIWO sokukwazi ukwelapha usebenzisa amakhambi esintu. Kuyenzeka umuntu afunde umuthi wokwelapha noma aboniswe wona ngabakubo, bese ekwazi ukuwuhlanganisa asindise ngawo abagulayo. Uma-ke lowo muntu esekwazi ukuphilisa abantu ngalo muthi, usengabizwa ngenyanga. Emandulo ubunyanga bebungathwaselwa. Bekwenzeka umuntu afunde umuthi komunye walapha ekhaya olaphayo bese lolo lwazi ludluliselwa esizukulwaneni esilandelayo. Izinyanga bezichitha isikhathi eside zicwaninga imithi ehlukene ngoba zifuna injula yokunqoba izifo ebezikhona emphakathini. Kwesinye isikhathi bekwenzeka umuntu azalwe enothando lwezihlahla agcine esekwazi ukuzisebenzisa zisize abantu. Lowo muntu ubebizwa ngenyanga. Umfana obejwayele ukuphelezela ikhehla lasekhaya uma liyokwelapha ubegcina esekufundile ukusetshenziswa kwemithi ethize, aphethe eseyinyanga. Kwenye yezincwadi zikaMnu PH Mtshali, ongomunye wabelaphi bendabuko abahlonishwayo e-Afrika eseningizimu, uthi ulwazi lwezihlahla nemithi kubantu abamnyama luqhamuke ngesikhathi besagxile ekuzingeleni izinyamazane ukondla imindeni. Kuvela ukuthi abantu bokuqala ukuba yizinyanga kube yiwona amaphisi. Bekuthi uma esehlathini ezingela, elokhu edla izithelo zezihlahla ezithile, kwaphetha ngokuthi akwazi ukuzehlukanisa nezihlahla
nanokuthi zenzani emzimbeni womuntu. Bekuthi noma sekukhona abalunywa yizinyoka khona lapho kuthathwe izihlahla ezithile kwelashwe ngazo lawo manxeba kunqandwe
nophoyizeni ungambulali umuntu. Ngokuhamba kwesikhathi laba bantu babe sebehlanganisa lezi zihlahla namafutha ezinye izilwane abebezizingela, kwaphuma ikhambi elithile. Kuphethe ngokuthi izinyanga zisebenzise izihlahla, amafutha ezilwane,
amathambo nezikhumba. Bube sebuchuma kanjalo-ke ubunyanga e-Afrika. Kakukho-ke lapho okuvela khona ukuthi izitho zomuntu ziyasetshenziswa ekwelapheni. Empeleni
okuvelayo wukuthi ubunyanga boqobo base-Afrika kabuhambisani nomkhuba obikwayo wokulapha ngezicubu zomuntu. Ngokuhamba kwesikhathi, kugcine sekudingeka ukuthi nezinyanga zikuthwasele ukusebenzisa imithi. Okunye obekwenza lokhu yisimo sezulu okubalwa isomiso njengoba umuntu ubeye athande ukuthuthukisa ulwazi lwakhe lwezihlahla bese ethola ukuthi ngakubo kunezingekho. Maningi-ke namanye amagama
asetshenziswayo ukuchaza inyanga njengoba kukhona nezibizwa ngogedla njalo njalo.
Buyini ubungoma? Lo mkhakha uthanda ukujula kakhulu ngoba wona esikhathini esiningi uthinta indaba yemimoya yabangasekho. Kuzokhumbuleka phela ukuthi
thina bantu base-Afrika sikholwa wukuthi uma umuntu eshona yinyama kuphela eshabalalayo, umphefumulo kawufi. Yingakho nje kuyinto ejwayelekile emindenini
ukuthi kube khona imisebenzi noma ubone kushiswa impepho kukhulunywa nabangasekho. Ubungoma bugxile esiphiweni sokubona izinto zingakenzeki
noma ukutshela abantu ngezinto abangakwazi ukuzibona. Kuyenzeka ukuthi umuntu aboniswe izinto elele bese ngakusasa avuke atshele abanye akuphuphile. Kwesinye isikhathi bekuke kwenzeke kushone ilunga lomndeni -mhlawumbe linesifo esithile -
ekuhambeni kwesikhathi kubekhona ingane esigula ngendlela efanayo. Kube sekuthiwa lo ofile uvuka kule ngane. Lapha kakukhulunywa ngokugula okufana nomdlavuza noma isifo sikashukela kodwa kukhulunywa ngokuguliswa wumoya othile, nokho okungelula ukuwuchaza. Ubungoma nabo behlukene amahlelo amaningi, obudala base- Afrika buhlukene ngala mahlelo alandelayo: ☛Amavuma-nhloko (amakhosi): Isikhathi esiningi ahlola ngekhanda, umuntu amchazele izindaba zakhe.
☛Abangoma Bankomoyolwandle (Amandawe): Bayahlola kanti iningi labo lisebenzisa kakhulu amathambo.
Imvamisa babizwa ngonyamsolo futhi baphiwe ukukwazi ukuhlunga imimoya emibi ngokuthi basebenzise indlela okuthiwa wukufemba, okuwukukhuculula imimoya kumuntu.
☛Abangoma babaLozi: Laba bahlola ngabalozi basolwandle futhi bayathwasisa.
☛Abangoma bamajoye (abashaya umhlahlo): Laba bamandla kakhulu ekushayweni komhlahlo besebenzisa izindlela ezahlukene.
Ngaphansi kwabo-ke ubungoma kukhona futhi nalabo abaphiwe ukwelapha ngokomoya kuphela. Bona bavamisile ukubizwa ngabathandazi ngoba bayakwazi ukuchazela abantu izinkinga zabo ngokuthi bapholofithe besebenzisa iBhayibheli, abanye bafunda isandla, abanye basebenzisa amanzi, abanye babhala ephepheni nokunye. Ubungoma buyaphoqa ukuthi
umuntu abuthwasele ngoba kabugxilile elwazini lomuntu kodwa kulandelwa izidingo zalowo moya osuke ukungenile. Umuntu akaveli nje asukume athi ufuna ukuyothwasa
ngoba yena usecabanga ukuba yisangoma. Ngokwale nkolo, umuntu uyakhonjwa
yidlozi lakubo bese likuveza ngezindlela ezahlukene ukuthi
selifuna abe yisangoma. Kwesinye isikhathi kuyenzeka
ukuthi emndenini kakukaze kubekhona umuntu onomoya wobungoma kodwa uzwe sekuvela eyokuthi kufuneka ayothwasa. Phela umuntu uyakhonjwa yidlozi lakoninalume kumbe kube wumoya walapho kuzalwa khona uninakhulu njalo njalo.
Emandulo izangoma bezingagxili ekufundeni umuthi ngoba okwazo bekuyikho ukubhekana nesimo
semimoya. Kunalokho bekukhona ukusebenzisana okukhulu phakathi kwezangoma nezinyanga. Isangoma besikwazi ukumxilonga umuntu bese simtshela ukuthi makahambe
aye enyangeni engusibanibani yiyona enomuthi wokumelapha. Ngokunjalo nezinyanga bezingahloli. Bekuthi uma zelapha umuntu bese zibona ukuthi akalulami, zithi makuyiwe esangomeni esithile kuyobhekwa umhlola. Inyanga beyazi ukuthi uma sekubuywa izotshelwa nanokuthi yiliphi ikhambi okufanele ilisebenzise ukuze umuntu asinde.
Ubonakala kanjani ongenwa ubungoma?
KULEZI zinsuku sebebaningi abantu abathi banedlozi lobungoma bese beyothwasa kanti cha kakunjalo, bahlushwa ngokunye nje.
Nayo imimoya yabangasekho yehlukile njengoba uke uzwe kukhulunywa ngamandiki namandawe, Isithunywa, izizwe, imimoya nokunye. Kwesinye isikhathi umuntu kuyenzeka aguliswe wumoya othile hhayi ngoba sekufanele ayothwasa. Ngeke-ke ngakuchaza konke okwemimoya ngoba kuningi, kuyodinga olunye usuku lwakho. Yize kunjalo kodwa bekubakhona izimpawu ezibonakalayo kumuntu osengenwa yidlozi. Ngizokha nje phezulu zazo. ☛Ukuboniswa ngephupho ulele: Lapha umuntu uvamisile ukuvuka axoxele abanye amaphupho ajulile, kwesinye isikhathi aboniswe abadala balapha ekhaya bemtshela ukuthi bayamdinga kulo mkhakha. La maphupho avamise
ukubelesela isikhathi eside. Kuyaba yizinsuku noma amasonto elandelana. ☛Umzwangedwa: Kwesinye isikhathi kuyenzeka umuntu avele angathandi ukuzihlanganisa nabanye, aphenduke umuntu onenhliziyo encane. Kuyenzeka futhi kubekhona ukudla umuntu angasakuthandi nokukubona, okuthi uma ekubona noma ezwa iphunga lakho, kuthi makaphalaze. Kwenye inkathi umuntu angakudla akufele uma ume emuva kwakhe noma umthinta amahlombe.
☛Ukugula emoyeni noma enyameni:
Kuyenzeka umuntu ahlale engathokozile emoyeni noma angenzelwa into enhle kanjani, angatshengisi ukukuthokozela lokho akwenzelwayo. Kwenzeke kwesinye isikhathi elele ahayize sengathi unezipoliyane. Ngokunjalo nokugula ngokwenyama kuyabakhona kanti umuntu usengenwa wubungoma. Omunye uvele abe nenkinga yokukhohlwa kakhulu ezinye izinto.
☛Uvelelwa yingozi: Umuntu uba nebhadi lezingozi kodwa angalimali.
Noma-ke nje ahlale ngokwephuka.
☛Uvelelwa ngamashwa: Kuvamile uma umuntu enqaba noma ebalekela idlozi ahlelwe ngamashwa. Oganile uthole eselahlekelwa wumendo. Omunye kuyenzeka ahlale ebhekana nezinkinga zokuboshwa kwesinye isikhathi aze aboshelwe nezinto angazenzanga. Kowesifazane kuke kwenzeke abhekane nenkinga yokuhlale ephuphunyelwa yisisu. Kwesinye isikhathi nosebenzayo uvelelwa yizinkinga aze alahlekelwe nawumsebenzi. Bekuthi uma sezibhekwe zonke lezi zimpawu bese abadala bomndeni beyohlola hhayi kumuntu oyedwa, kwabehlukene.
Kuthi-ke uma kucaca ukuthi usiphecelengwana lowo ungenwa yidlozi ngempela, bese enzelwa umsebenzi wokulivuma. Abanye baye bathi yimvuma-kufa. Inkolo yobunyanga nobungoma isalokhu iyingxenye enkulu yosikompilo lwabase-Afrika kanti bebekwazi
ukuyisebenzisa ukulungisa. Uma ufisa ukuphawula ngokuthile ngale nkolo ungangithumelela umbono wakho kwethi:
ndiyane@ilanganews.co.za